Kugwazwe umfundi washona
2012-03-21 08:27
Durban - Umfana oneminyaka engu- 15 ubudala ugwazwe washona esikoleni kubangwa iselula, kubika iNewswatch, ngoLwesithathu.
Umfundi kaGrade 8, uSiphesihle Gcwensa, kuthiwa ugwazwe ngomunye umfundi ngaphakathi emagcekeni esikole iClairwood Secondary.
UNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo eKZN uSenzo Mchunu uhambele kulesi sikole ukuyokhuluma nabafundi kanye nothisha.
Okhulumela uMnyango uSihle Mlotshwa, uthi esikhathini esingaphansi kwenyanga eyodwa, zingaphezu kwezinhlanu izehlakalo zokugwaza ezenzeke ezikoleni esifundazweni.
"Siyanxusa emphakathini ukuthi usisize, izingane zihatha izikhathi ezizithatha emakhaya," kusho uMlotshwa.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
- News 24