Kugwazwe kwabulawa umfundi eKZN
2012-08-06 08:33
Gabisile Ngcobo, The Witness
Ubaba womfundi ka-grade 12, uMpendulo Mzulwini, 19, waseGagasini High School eMlazi, uthe usanemibuzo engaphenduliwe ngokushona kwengane yakhe isesikoleni.
UMpendulo ugwazwe ngoLwesihlanu ngumfana ongafundi kulesi sikole.
Ube eseshonela esibhedlela ngoMgqibelo, kuthiwa umufi ubegetshengwa imali yakhe.
“Uma uyisa ingane yakho esikoleni, awuzilindeli izindaba ezinjengalezi," kusho ubaba wakhe uGcina Mzulwini.
Uthe unkosikazi wakhe usakhungathekile njengoba elashelwa ukwethuka.
Uthe uMnyango wezeMfundo awukamnikezi incazelo egcwele ngokuthi umbulali wangena kanjani emagcekeni esikole.
UNgqongqoshe woMnyango uSenzo Mchunu, ubize lesi sigameko "njengobudlwembe" wathi babuhlungu kakhulu ngokushona kukaMpendulo.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- The Witness