Kugwazwe izingane ezimbili kubanjwa inkunzi eGoli

2014-12-17 11:30

Johannesburg - Kugwazwe abafana ababili oneminyaka emithathu noneminyaka emibili ubudala ngesikhathi kubanjwa inkunzi endaweni yaseDobsonville, eSoweto, kusho amaphoyisa esifundazwe saseGauteng ngoLwesithathu.

"Sivelelwe yisehlakalo izolo ebusuku. Izigebengu zingene emzini oseDobsonville EXT 3," kusho uWarrant Officer Kay Makhubela.

"Ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko kugwazwe izingane ezimbili. Eneminyaka emibili ubudala igwazwe amanxeba amathathu ekhanda kuthi le eneminyaka emithathu ubudala yona yagwazwa amanxeba angu-8 emzimbeni."

Izingane ziphuthunyiswe esibhedlela yize imininingwane yesimo sazo ingakatholakali ngoLwesithathu ekuseni.

Izigebengu zithathe impahla kagesi endlini lapho obekuhlezi khona izingane.

OLUNYE UDABA: Kubanjwe inkunzi ikhaya labadala

Lobu bugebengu benzeke phakathi kwamabili ngoLwesibili kanti kukholakala ukuthi izigebengu bezizimbili, kusho uMakhubela.

Akukaboshwa muntu.

Amaphoyisa aphenya icala lokubanjwa kwenkunzi nelokuzama ukubulala.

Onolwazi ngesigameko uyacelwa ukuba axhumane namaphoyisa.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...