Kugetshengwe indawo yokucima ukoma
2012-12-24 12:40
Johannesburg - Umnikazi wendawo yokucima ukoma e-Uitenhage ukhonjwe ngesibhamu wathathelwa imali eningi ngezithuba zasekuseni ngoMsombuluko, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape.
"Umnikazi
wendawo yokucima ukoma ubelele ngesikhathi engenelwa abesilisa ababili abagqekeza umnyango wasekhishini
bengena emzini oseMzamane Street [Kwanobuhle]," kusho uLieutenant Colonel Priscilla Naidu.
Uthe
laba balisa bafune ngenkani imali kumnikazi wale ndawo.
Ngemuva
kwalokho babaleka nemali kanye nomakhalekhukhwini wakhe.
UNaidu
uthe abanikazi bamathaveni akumele bahlale nemali eningi kubona.
"Izigebengu
ziyazi ukuthi amabhange azobe evaliwe ngoKhisimusi nangoNcibijane, ngakho
abanikazi bamathaveni banayo imali abayigcine ezindlini zabo."
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA