Kugcwele kakhulu emajele - Umbiko
2012-11-19 14:01
Johannesburg - Sikhule kakhulu isibalo seziboshwa ezidonsa isigwebo sokudilikelwa yijele njengoba sikhule okungenani ngo-2 400%, kusukela ngonyaka ka-1995, kusho abakwaNational Council of
Correctional Services.
UJajai uSiraj Desai uthe zabe zingu-433 iziboshwa ezabe zidonsa isigwebo sikadilikajele ngonyaka ka-1995, njengamanje isibalo siku-10 314.
UDesai uthi lokhu kudala ukugcwala ngokweqile emajele, uDesai uzibuze waziphendula ngalolu daba ethi into ezokwenzeka wukuthi iziboshwa zigcine zihlaliswa emajele ngendlela enobulwane obukhulu.
Ukhulume wathi ngesikhathi kuvalwa isigwebo sentambo, akucatshangwa kahle ukuthi kuzokwenziwa njani ngeziboshwa ezigwetshwa udilikajele.
Umthetho okhona njengamanje uvumela ukuthi iziboshwe zithole ushwele uma sezidonse okungenani iminyaka engu-14, futhi zikhombisa ukuthi angeke zisawenza amacala.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA