Kugcwele izintandane KwaZulu-Natal - Sassa
2012-08-27 10:03
Johannesburg - Isifundazwe iKwaZulu-Natal yisona sifundazwe esinesibalo esiphezulu sezintandane, kusho abakwaSouth African Social Security Agency (Sassa) esifundazweni.
Okhulumela iSassa uVusumuzi Mahaye nguye oqinisekise lokhu wathi ukukhishwa kwesibonelelo esinikwa abazali abakhulisa izingane abangazizali kungenye yezindlela zokunciphisa isibalo sazo.
UMahaye uthe ingane eyintandane idluliselwa emndenini ngemuva kokuthi osonhlalakahle behlolisise isimo sekhaya, nenkantolo yaphinda yaphasisa.
UDuncan Andrew oyisikhulu kwaThandanani Children’s Foundation uthe uma izikhungo ezifana neThandanani seziqala zihluleka emiphakathini, uMnyango wezeNhlalakahle kuba yiwo ongenelela kuqala usize imindeni.
Ucwaningo olwenziwa ngabakwaGeneral Household Survey (GHS), ngonyaka ka-2007, lwathi zingu-150 000 izingane ezihlala emindenini engu-79 000 engayizali.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- The Witness