Kugcine kumenele owadutshulwa noMkhize

2012-07-24 08:31
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Owesilisa owadutshulwa walimala esigamekweni okwabulawa kusona lowo owabe eyikhansela le-ANC uWandile Mkhize useshonele esibhedlela, kusho umbiko ngoLwesibili.

Iphephandaba iThe Witness libike ukuthi uNhlakanipho Shabane, 24, ubengakhulumi engenzi lutho isikhathi esingamasonto amathathu ngaphambi kokushona esibhedlela ngeSonto.

UShabane ubengumabhalane emahhovisi okukhishwa kwezincwadi zokushayela kuMasipala iHibiscus Coast.

Amaphoyisa manje asephenya amacala amabili okubulala okwenzeka ngoJuni 30 ngaphandle komuzi kaMkhize eManaba, ePort Shepstone.

UMkhize washonela endaweni yesehlakalo.

OnguNobhala we-African National Congress kulesi sifunda uMzwandile Mkhwanazi uchaze lesi sigameko njengebhadi.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-19°C More sun than clouds. Mild. Pta: 9-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 9-18°C Sunny. Mild. Bloem: 5-21°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 13-26°C Sunny. Mild. PE: 16-21°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...