Kugcaluza izingwenya eLimpopo

2013-01-24 10:02

Johannesburg - Zilinganiselwa ku-15 000 izingwenya ekuthiwa zeqe esikhungweni esigcinwa kuzo iRakwena Crocodile Farm, zangena emfuleni iLimpopo River, njengoba bekuhlasele izikhukhula.

Umbiko wangoLwesine okhishwe yindodana yomnikazi weRakwena uZane Langman, uthi ziyingcosana izingwenya esezibanjiwe zabuyiselwa emuva.

ULangman uthi izingwenya zibanjwe zisosebeni lomfula, nokho uthi ziningi ezingakatholakali.

ULangman uthi baphoqekile ukuthi bazivulele izingwenya ziphume, ngoba besaba ukuthi uma kuqhubeka imvula zizowelwa wudonga lomuzi, nawo obusemngcupheni, bese zilimala.

"Uma abantu besifonela besho ukuthi babona izingwenya, siyaphuthuma sizilande. Kukhona ekubikwe ukuthi zisenkundleni yezemidlalo kwesinye sezikole eMusina.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Numerous showers. Afternoon clouds. Cool. Pta: 3-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-18°C Sunny. Mild. Bloem: 5-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-27°C Sunny. Warm. PE: 10-22°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...