Kugaselwe esitokisni sika-Okah

2011-02-24 09:42

Johannesburg - Kutholakale omakhalekhukhwini, imephu, amaphepha anezinombolo zocingo nokunye ngesikhathi kugaselwa esitokisini sakhe sasejele uHenry Okah, ongowokudabuka eNigeria nobekwe amacala oboshokobezi, kubika iphephandaba iPretoria News ngoLwesine.

Okhulumela uphiko loKlebe oludume ngokuphenya ngamacala athinta izikhulu, uMcIntosh Polela, uqnisekise lolu daba naleli phephandaba ngoLwesibili ebusuku.

Izinsolo zezinsongo ezaziqhamuka kumakhalekhukhwini ka-Okah izona ezenze ukuthi izikhulu zigasele esitokisini sakhe, njengoba iziphathimandla zaseNigeria zazise ezakuleli.

U-Okah wanqatshelwa ibheyili eNkantolo yeMantshi yaseGoli ngonyaka odlule.

Ubhekene namacala obushokobezi, ahlobene nokuqhunyiswa kwamabhomu amabili ngo-Okthoba 1 e-Abuja, eNigeria, nalapho kwashona khona abantu abangu-12 kwathi abangu-36 balimala.

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Umi ngomumo owezeMfundo eGauteng

Emizuzwini eyi-38 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Mostly sunny. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 6-20°C Sunny. Mild. Bloem: 5-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-21°C Showers late. Morning clouds. Cool. PE: 12-19°C Rain showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...