Kufunwa umama obenza ingane isigqila socansi

2012-11-07 10:02

Cape Town - Amaphoyisa aseWestern Cape athungatha umama okusolakala ukuthi ubedayisise indodakazi yakhe ngomzimba eneminyaka eyishumi nantathu eyibiza u-R50.

Lona wesifazane kusolakala ukuthi ubejwayele ukuthatha indodakazi ahambe nayo aye ehlathini noma ezindaweni zokuphuza utshwala ayinikele kubantu besilisa ngemadlana.

Kubikwa ukuthi le mali abeyithola ubeyiphuza.

Lokhu kuze kwaphumela obala ngesikhathi le ntombazane itshela umngani wayo yena obe esebikela uthisha.

IDaily Voice ibike ukuthi ntombazane lena kumanje isigcinwe esikhungweni sokugcina izingane esingaphansi komeluleki wezengqondo e-Atlantis, uBarbara Rass.

“Ngimthulela isigqoko uthisha, ngoba kugcine kuphumele obala konke," kusho uRass.

“Kubukeka sengathi baningi abebazi ngalokhu kodwa akekho oyivikelile ingane... Ukuba akakhulumanga nomngani wakhe nothisha, ngabe lokhu kusaqhubeka.”


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. Pta: 4-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-18°C Sunny. Mild. Bloem: 2-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-24°C Sunny. Mild. PE: 10-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...