Kufunwa umalume ekuthiwa uthumbe umshana

2013-02-11 16:47
Yabelani Shicilela

Butterworth - Intombazanyane eneminyaka engu-12 ubudala, inyamalele ngesikhathi isendleleni ebuya esikoleni efunda kuso eThoboshane, ngaseButterworth, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape.

Ngokusho kukaCaptain Jackson Manatha, uZimkhitha Zibi ugcine ukubonakala ngesikhathi ebonwa ngugogo wakhe, mhlaka-7 Febhuwari, ephuma esikoleni, nokho akafikanga ekhaya.

Ingane yabikwa ukuthi inyamalele mhlaka-8 Febhuwari, ibikwa esiteshini samaphoyisa eButterworth.

UManatha uthi kuvulwe idokodo, uthi bathole umbiko othi ingane ithunjwe ngumlisa ekukholakala ukuthi ngumalume wayo.

"Akukaboshwa muntu, amaphoyisa afuna umlisa owaziwa kuphela ngokuthi nguPlas White," kusho uManatha.






 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 12-23°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 10-18°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 4-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-24°C Haze. Mild. PE: 13-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...