Kufunwa udokotela othumbe izingane zakhe

2012-07-23 10:04

Durban - Inkantolo yaseThekwini isikhiphe incwadi egunyaza ukuboshwa kukadokotela wesifazane osolwa ngokuthumba amadodakazi akhe amabili ngoFebhuwari, kubika iDaily Sun.

UDkt Thuthukile Goba akaphindanga wabonaka selukhu athatha la mantombazanyana esikoleni.

UThuthukile nomyeni wakhe angasahlali naye (elingedalulwe igama lakhe) bebelokhu befakana ezinkantolo.

Umyeni wakhe uyena onelungelo lokuhlala nezingane zabo ezimbili.

UThuthukile, ubengudokotela eVerulam.

ULieutenant Colonel Vincent Mdunge uthe uThuthukile ufunwa ngamacala okuthumba kanye nokungawulandeli umyalo wenkantolo enkulu.

Ubaba wezingane uyena owanikwa ilungelo lokuhlala nezingane kodwa umama wazo kusolakala ukuthi wabe esezithumba ngoFebhuwari kulo nyaka, wakhala amaphepha.

“Lo mama ongumsolwa uneminyaka elinganiselwa ku-40 ubudala, unomzimba ophakathi, mnyama ngebala kanti wagcina ukubonakala enemiyeko.”

Amantombazanyana athunjwa angoKhethelo Gumbi, 7, noZulu Gumbi, 5,” kusho uMdunge.

 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

 - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Numerous showers. Afternoon clouds. Cool. Pta: 3-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-18°C Sunny. Mild. Bloem: 5-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-27°C Sunny. Warm. PE: 10-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...