Kufunwa izihlobo zoshone engozini
2012-11-08 16:22
Johannesburg - Amaphoyisa ase-Eastern Cape afuna izihlobo zowesilisa owashona esehlakalweni sengozi yomgwaqo eyenzeka phakathi kweButterworth neDutywa, ngoLwesithathu.
Imoto kamufi yashayisana netekisi ngoLwesithathu ebusuku, kusho uCaptain Jackson Manatha.
"Umshayeli owashona ulinganiselwa eminyakeni engu-30 ubudala, akaziwa ukuthi ungubani."
Abagibeli betekisi abangu-14, abahlanganisa nomshayeli wayo, bangeniswa esibhedlela iButterworth, base bededelwa.
"Imbangela yengozi ayikazeki, amaphoyisa ayaphenya.... kuvulwe icala lokubulala ngokungenhlozo."
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).