Kufunwa iphoyisa mbumbulu

2012-07-31 14:33

Johannesburg - Amaphoyisa afuna umlisa ozibiza ngoMusa Khumalo, odabuka eZimbabwe, obehamba eqamba amanga iNingizimu Afrika yonke ethi uyisikhulu samaphoyisa, kusho imibiko yeDaily Sun.

Lona kuthiwa ubesebenzisa izimoto zamaphoyisa, aze  ahambe nawo uma kwenziwa uphenyo.

Iphephandaba lithi uKhumalo uyisigelekeqe eseqa ejele, esibhekene necala lokubulala.

“Unazo zonke izimfanelo zasemaphoyiseni, futhi ubephenya abuze abasolwa ngendlela wonke amaphoyisa enza ngayo. Uyazi kahle into ayenzayo."

UKhumalo lona, watheleka KwaZulu-Natali, ekuqaleni konyaka ethi ujutshwe nguKhomishana owabe ebambile uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi, ngesikhathi kuvela indaba kaSibusiso Gcabashe, owabe eqamba amanga ethi ungumculi uMgqumeni.

ULieutenant Colonel Vincent Mdunge uthe uKhumalo wabanjwa ngemuva kokuvela kwesithombe sakhe emaphephandabeni, kuthiwa uyafunwa.
 


 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

 - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

 


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Umbiko oshaqisayo ngekhaya labadala

Emizuzwini eyi-29 edlule
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-26°C Sunny. Warm. Pta: 16-27°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 11-21°C a few showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 13-28°C Showers late. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-19°C Rain showers. More clouds than sun. Cool. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...