Kufunwa abadlwenguli eLimpopo

2012-11-26 16:43

Johannesburg - Amaphoyisa aseMankweng, eLimpopo, athungatha abantu abangaziwa abasolwa ngezehlakalo eziningi zokudlwengula ezenzeke endaweni, ezihlanganisa nokudlwengulwa kowesifazane oneminyaka engu-80 ubudala.

UConstable Moses Molepo uthi owesifazane osekhulile waseGa-Molepo, wahlaselwa ngoLwesibili olwedlule, esemzini wakhe.

Kuthiwa indoda ethize yangena ngewindi, yafike yadlwengula ngaphambi kokuthi ibaleke.

Ugogo wangeniswa esibhedlela iMankweng, ngoLwesine kwaphinde kwadlwengulwa owesifazane oneminyaka engu-18 ubudala.

Lona wabanjwa ehamba nesoka lakhe ebusuku ngezithuba zawo-22:00.

NgoLwesithathu kwadlwengulwa omunye oneminyaka engu-20 ubudala.
 



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

  Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-15°C More sun than clouds. Cool. Pta: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 8-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-21°C More sun than clouds. Cool. PE: 12-18°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...