Kufunwa ababulali bowekhilikithi

2013-01-04 15:06

Cape Town - Amaphoyisa afuna uthuli ababulali bowabe engumdlali wekhilikithi waseWestern Cape, uJohn E Commins.

UCommins, 71, nonkosikazi wakhe oneminyaka engu-70 ubudala, bebelele emakamelweni ehlukene emzini wabo oseNewlands, eKapa, ngesikhathi behlaselwa ngamadoda amathathu, kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Andre Traut.

"Abahlaseli bashaqe impahla endlini, babopha laba bashadikazi. Unkosikazi ugcine ekwazile ukuzikhulula, kwathi uma eyobheka umyeni wakhe wamthola eboshiwe futhi eseshonile,” kusho uTraut.

"Amaphoyisa akholwa wukuthi uCommins uvalwe amakhala, wancishwa umoya. Azikho izibazi ezibonakalayo, nokho kuzohlolwa isidumbu kuze kuzokwazeka kahle imbangela yokufa.”

Enkundleni yezemidlalo eSahara Park Newlands, eKapa, kwehliswe amafulegi, njengophawu lokuhlonipha uCommins.

“Sibuhlungu kakhulu ngokwenzekile emndenini kaJohn,” kusho isikhulu esibambile kwaCricket SA, uJacques Faul.






  Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C High level clouds. Cool. Pta: 2-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-14°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -3-15°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 8-23°C Sunny. Mild. PE: 13-16°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...