Kufakaza owe-NUM - Marikana

2013-01-23 14:05

Rustenburg - Inyunyana yabasebenzi iNational Union of Mineworkers (NUM), isibize ufakazi wayo wokuqala, njengoba kuqhubeka ukulalelwa kweKhomishana kaFarlam, eRustenburg.

Ummeli weNUM uKarel Tip, ubize ufakazi u-Erick Gcilitshana ongunobhala ohlangothi lwezokuphepha enyunyaneni, ophinda abe ngumsebezi wasemayini iLonmin.

Ufakazi lona, wayengomunye wabaxhumanisi phakathi kwabasebenzi nabaphathi ngesikhathi kuqhubeka isiteleka, ekwagcina kuso kudutshulwa kubulawa abavukuzi abangu-34.

"Ngaqala ukuba ngumxhumanisi ngo-2005, izimendlela zakhula ngo-2007," etshela ikhomishana.

UGcilitshana waqala ukusebenzela le mayini kusukela ngo-Disemba wango-1985 kanti wajoyina iNUM ngo-1987.

UTip umbuze ngomthelela owabakhona ngesikhathi kuqhubeka isiteleka sabasebenzi base-Impala Platinum, ngo-2011, wambuza nangobudlelwano obukhona phakathi kwenyunyana nabasebenzi.

UGcilitshana uthe ubudlelwano babungebuhle kahle ngaphambi kokuthi kuqale isiteleka.

Inhloso yekhomishana ukubeka obala lokho okwenzeka kuze kushona abantu abangu-44, abashona kuqhubeka isiteleka saseLonmin.






 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 14-29°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 12-24°C Morning clouds. Mild. Bloem: 13-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-30°C More sun than clouds. Warm. PE: 14-30°C High level clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...