Kufakaza iphoyisa kwelikaTatane
2012-05-15 12:06
Ficksburg - UMbuso ubize iphoyisa ukuba
lizofakaza ecaleni lokubulawa nokushaywa kuka-Andries Tatane, elibhekene
namaphoyisa ayisikhomisa eNkantolo yesiFunda yaseFicksburg ngoLwesibili.
Ubufakazi bukaConstable Kabelo
Pule, onguzakwabo wamaphoyisa ayisikhombisa aseThaba Nchu, buphazamisekile
ngesikhathi imishini yokuqopha ingasebenzi.
Ekuqaleni kwecala ngoLwesibili
umshushisi uCeleste Zara Ferris utshele inkantolo ukuthi izingxoxo zisaqhubeka
neSA Broadcasting Corporation.
Udaba olumayelana
nabezokusakaza ludingidiwe kukhona neMantshi uHein van Niekerk ngaphambi
kokuqala kwecala, kodwa ayikho eminye imininingwane enikwe inkantolo.
La maphoyisa ayisikhombisa
abhekene necala lokubulala nokushaya kulandela ukushona kukaTatane
ngesikhathi kunenemashi yokulethwa kwentuthuko kuMasipala waseSetsoto ngo-Ephreli
2011.
Lolu dlame lwaqoshwa yikhamera
laboniswa ezindabeni zakwaSABC.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA