Kufakaza iphoyisa kwelikaPistorius

2014-03-12 12:02

Johannesburg - Lowo osebenza njengongoti ngaphansi kombutho wamaphoyisa ukuqinisekisile ukuthi kwasetshenziswa induku yokudlala ikhilikithi ukushaya isicabha sendlu yangasese u-Oscar Pistorius adubula kuyo intombi yakhe uReeva Steenkamp.

"Ngafika esiphethweni sokuthi impela izimpawu ezazisesicabheni ziyahambisana nokusetshenziswa kwenduku yekhilikithi," kusho uLt-Col Johannes Vermeulen ecaleni likaPistorius eNkantolo eNkulu ePitoli.

Ucwaningo lukhombisa ukuthi induku le, yohlobo lweLazer English Willow, nakanjani iyona eyasetshenziswa ukushaya isicabha.

UPistorius wavuma ukuthi wadubula wabulala uSteenkamp kodwa uthi wayecabanga ukuthi yisigebengu ngesikhathi edubula.

Wabe esethatha induku le washaya isicabha ezama ukusiphula ngemuva kokubona umonakalo owenzekile.

UPistorius uyaliphika icala lokubulala nelokuphuma umthetho iFirearm Act.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...