Kudutshulwe amaphoyisa amabili e-Estcourt

2012-12-12 14:02

Johannesburg - Amaphoyisa amabili abengekho emsebenzini adutshulwe alimala ezintatha kuzosa kube nguLwesithathu e-Estcourt, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.

Umkhuzi wamaphoyisa esiteshini sase-Estcourt uColonel Oscar du Preez ubelele emzini wakhe ngesikhathi evuswa ukuqhuma kwesibhamu, kusho uColonel Jay Naicker esitatimendeni.

Ube esethinta umakhelwane wakhe, naye oyiphoyisa, uCaptain Derrick Radebe, base bephumela emnyango ukuyohlola isimo.

"Kusolakala ukuthi omunye wabasolwa ube esedubula amaphoyisa, nawo aziphindiselela," esho.

La maphoyisa abe eseyalimala angeniswa esibhedlela esesimweni esigculisayo.

Kusolakala ukuthi lo wesilisa odubule amaphoyisa nguye ogqekeze umuzi okuWelsch Road, weba i-laptop wabaleka ngonyawo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Passing showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 14-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Showers late. More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild.
Dbn: 19-27°C Showers late. Mostly cloudy. Warm. PE: 13-19°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...