Kudutshulwe abeNato e-Afghan

2012-08-09 11:28
Yabelani Shicilela

Kabul - Isosha lase-Afghanistan libhekise isibhamu salo emasosheni eNATO ngoLwesine esigamekweni sakamuva esibizwa nge- Green-on-Blue Attacks, kusho abe-International Security Assistance Force.

"Singakuqinisekisa ukuthi isosha le-ANA lidubule amalungu e-ISAF esifundazweni saseLaghman. Nawo aphindiselile, lagcina ngokudubuleka lafa,” kusho okhulumela i-ISAF ekhuluma nabe-AFP.

Alikho isosha le- ISAF elishonile kulesi sigamejo,esho.

Lesi sigameko singesakamuva kwezifuze lesi lapho amasosha ase-Afghanistani avele avulele ngenhlamvu kulawo awe-NATO asizayo ukulwisana nama-Taliban eKabul, empini esidonse iminyaka engaphezulu kweshumi.

Ngokwezibalo zabe-AFP, isibalo salabo asebebulewe ezigamekweni ezifuze lesi silinganiselwa ku-30 ezigamekweni cishe ezingu-22.

Amanye amasosha alinganiselwa ku-130 000 eNATO ase-Afghanistan alungiselela ukuhoxa ngo-2014.



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Partly sunny. Mild. Pta: 10-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 10-19°C Sunny. Mild. Bloem: 6-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...