Kudutshulwe abazingela obhejane

2012-03-07 10:01

Johannesburg - Abaqaphi esiqiwini iSA National Parks badubule babulala osolwa ngokuzingela obhejane ngokungemthetho kwathi ababili balimala.

"Okhulumela uphiko lwamaHawks uMcIntosh Polela ukhiphe isitatimende esithi abaqaphi esiqiwini babone abasolwa bewela umfula oseduza base betshelwa ukuthi abame.

Abasolwa babe sebedubula bebhekise konogada nabo abaphendule ngenganono.

Oyedwa wabasolwa ushonele endaweni yesehlakalo kwathi ababili badluliselwa esibhedlela.

Umsolwa wesine kumanje uvalelwe kanti amaphoyisa akholwa wukuthi uzoba wusizo ekuboshweni kwabanye abazingeli bobhejane.

Endaweni yesehlakalo kutholakale isibhamu nemimese.

"Umsolwa oboshiwe uselivumile icala lokuzingela obhejane ngokungemthetho elenzeke esiqiwini ngesonto eledlule," kusho uPolela.

Umsolwa uzovela enkantolo maduze.

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

 


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Ngathengela uMeyiwa iKFC - Khune

Emizuzwini eyi-23 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 20-33°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-27°C Morning clouds. Warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 14-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...