Kudutshulwe abashayeli bamatekisi kwaDukuza

2012-07-02 10:02
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Abashayeli bamatekisi ababili baseMelville, ngakwaDukuza, KwaZulu-Natal, balimalile esehlakalweni sokudubula, kusho uMnyango wezokuThutha esifundazweni ngoMsombuluko.

"Kukholakala ukuthi abadubuli bebehamba ngemoto base bevulela ngenhlamvu ngesikhathi bedlula ngakubashayeli," kusho okhulumela umnyango uKwanele Ncalane.

Isehlakalo senzeke ngesonto ngezithuba zawo-20:00, abashayeli bangeniswe esibhedlela.

"Umnyango ukhulumisana nabashayeli ngenhloso yokuzama ukuxazulula izinkinga. Uma kuqhubeka ukubulawa kwabantu abanikazi bezimoto bangase baphucwe izimvume zokusebenza," kusho uNcalane.

"Akhona amathemba okuthi izinkinga zizoxazululeka. NgoLwesihlanu kwamiswa ukusebenza kwamatekisi ngesikhathi osomatekisi besola umnyango ngokungalandeleli udaba lokukhishwa kwezimvume zokusebenza."


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C High level clouds. Cool. Pta: 7-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-24°C Sunny. Mild. PE: 11-18°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...