Kudutshulwe abanye embhikishweni eW Cape

2013-01-16 16:02

Cape Town - Sekuphinde kwaba nabanye abadutshulwayo embhikishweni wabasebenzi basemapulazini eWestern Cape, kusho inhlangano iMawubuye Land Rights Forum.

Okhulumela inhlangano uDenia Jansen, uthi ukaputeni wamaphoyisa aseRobertson, uvumele ababhikishi ukuthi baqhubeke nombhikisho onokuthula.

"Ngemuva kokuthi kuqale umbhikisho, amaphoyisa angenele abantu abadubula ngezibhamu zenjoloba, ebaphoqa ukuthi bahlakazeke.”

UCaptain Marshall Klaasten wakhona eRobertson, ukuphikile ukusho kukaJansen, ethi ayikaze ikhishwe imvume yokubhikisha.

"Kuqale izingxoxo ngo-06:20 zaze zaphela ngo-10:05. Abasebenzi bavume ukubuyela emakhaya, ngesikhashana kuphela izingxoxo bajikijele amaphoyisa ngamatshe, bavala nomgwaqo,” kusho uKlaasten.

UJansen uthi sebexhumane neHuman Rights Commission, beyicela ukuthi ibhekisise lolu daba.
 




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

ISes'khona ayizami ukucosha amaphuzu

Emizuzwini eyi-41 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Sunny. Mild. Pta: 4-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Sunny. Cool. Bloem: -1-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-23°C Morning clouds. Mild. PE: 8-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...