Kuduma ihlandla lesibili kuphela kuZuma - Mazibuko
2012-11-23 16:30
Johannesburg - UMengameli uJacob Zuma akezwa mshini ngodaba lokuthi abuyiselwe ihlandla lesibili kodwa uhlulekile ukwenza umsebenzi wakhe njengomengameli kusho, umholi weDemocratic Alliance
ePhalamende uLindiwe Mazibuko.
"Abaholi abanohlonze baveza amathuba, basebenze kubonakale. Kubona bonke abaholi abakhona emhlabeni umnumzane uZuma akanalo nelilodwa ikhono abanalo." kusho uMazibuko.
"Akanakho nokuncane ukuhlangana nabantu kudingidwe ngezinto ezibakhathazayo, into nje embusayo ukuthi abuyiselwe ihlandla lesibili."
UMazibuko usho konke lokhu ekhuluma emhlanganweni ohlelwe yiDaily Maverick, eGoli, uqhubeke wathi uZuma uhlulekile ukwenza umsebenzi abelindeleke ukuthi awenze.
"Abalandeli bakhe abangaphakathi eqenjini i-African National Congress nabangaphandle, bayakubona lokhu."
UMazibuko uthe njengoba noGoliyathi waseBhayibhelini agcina edayisekile, noZuma ngokunjalo kuzophela ngaye ngokushesha.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).