Kuduke isivakashi eKapa

2013-01-04 13:08

Cape Town - Akukho mkhondo oqhamukayo ngesivakashi saseBrithani esinyamalele edolobheni laseKapa, kusho umbiko we-Eyewitness News ngoLwesihlanu.

UWilkes Mcdermid, 38,  wagcina ukubonakala ephuma eWestin Grand Hotel, eqondene neCape Town International Convention Centre (CTICC), mhlaka- 26 Disemba.

Lona bekufanele engabe usebuyele eLondon.

Amaphoyisa ase-United Kingdom asevakashele ekhaya lakhe eChelsea, nakhona wangatholakala.

Okhulumela amaphoyisa aseKapa uFrederick van Wyk uthe bayazama ukuthola lesi sivakashi.

Kusanjalo amaphoyisa aphenya ngokushona komlisa odabuka eJalimane, owaminza olwandle ePlettenberg Bay, ngoLwesithathu.
 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 18-31°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 15-26°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. Bloem: 14-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-24°C Mostly cloudy. Mild. PE: 16-18°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...