Kuduke ababili olwandle kuleli
2012-12-26 09:51
Johannesburg - Kusatshelwa kuthi kuminze intombazane eneminyaka eyisihiyagalombili ubudala nomfana, 15, ezindaweni ezahlukene kuleli olwandle, kusho umbiko wezindaba zeSABC.
Ukuthungathwa kwentombazane, eMouille Point, eCape Peninsula, kubandakanya izikebhe ezimbili nendiza enophephela emhlane.
INational Sea Rescue Institute isilunikele emaphoyiseni lolu phenyo.
EPort
St John, e-Eastern Cape, kulahleke umfana lo okusolakala ukuthi uhlaselwe ushaka.
Ubebhukuda nabanye eSecond
Beach, nokuyindawo okubikwa kuyo kakhulu izigameko zabantu abadliwa oshaka.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA