Kuduke 4 kunesiphepho eKZN

2013-02-12 10:06

Durban - Kusaduke abantu abane kulandela isiphepho esinamandla eMsinga enyakatho neKwaZulu-Natal, kusho uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu ngoLwesibili.

Iminingwane yokuthi lokhu kwenzeke kanjani ayicaci, kusho okhulumela uMnyango uLennox Mabaso.

Izindlu zikhukhuleke ngesikhathi umfula uThukela ugcwala udla izindwani wase udala izikhukhula kulandela ukuqala kwemvula ngoMsombuluko ngabo-18:00.

UNgqongqoshe woMnyango uNomusa Dube usejube amathimba azosiza izikhamuzi ezikhahlamezekile.

UDube uzobe esehambela leya ndawo ngoLwesibili ukuhlola umonakalo.



 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-23°C Sunny. Mild. Pta: 17-32°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-27°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 19-34°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Partly cloudy. Warm. PE: 18-26°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...