Kudlwengulwe umfundi esikoleni

2013-02-22 10:04

Cape Town - Intombazanyana, 6, kusolakala ukuthi idlwengulwe ngumfundi omdadlana kunayo esikoleni somntakabani eKing William's Town, e-Eastern Cape, kusho umbiko ngoLwesihlanu.

IDispatch Online libike ukuthi le ngane idlwengulelwe ethoyilethi esikoleni ngesonto eledlule, ngoLwesihlanu.

Ngokwalo mbiko, umfundi osolwa ngalesi sigameko esaqhubeka nokuza esikoleni yize lolu daba selwabikelwa uthishanhloko.

Umndeni uthi "unyanyile futhi uphoxekile" ngendlela lesi sikole esisingathe ngayo lolu daba.

“Isikole sisenzele phansi ngenxa yokuthi asitshengisanga ngisho ukuthi siyazwelana nathi. Ekuqaleni uthishanhloko waphika wathi lesi sigameko esikaze senzeke," kusho ilungu lomndeni.

Lesi sehlakalo sibe sesibikelwa amaphoyisa, nosekuyiwona asingethe uphenyo.



 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Morning clouds. Pta: 18-31°C Showery. More sun than clouds. Hot.
Jhb: 16-26°C Thunderstorms. More sun than clouds. Beautiful. Bloem: 14-32°C Morning clouds.
Dbn: 18-19°C Passing showers. Afternoon clouds. Cool. PE: 17-22°C More sun than clouds.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...