Kudlwengulwe umfana eKapa

2012-05-10 10:35

Johannesburg - Umfana, 16, waseTygerberg, eKapa, udlwengulwe ngesikhathi behambe nesikole beyodlala ibhola lombhoxo, kodwa abaphathi bangenza lutho ngalokho, kubika iphephandaba iBeeld ngoLwesine.

Lokhu kuhlasela, okwenzeka ngoMashi 17 phakathi kwabafundi balesi sikole kuleli dolobha, kwashuthwa ngeselula kwase kusatshalaliswa.

Umama wesisulu utshele iBeeld ukuthi iqembu lombhoxo lalikhempe ngaseVelddrift, lase lidlala neqembu lesikole sendawo.

Kuthiwa lo mfana wadlwengulwa ngomshiza womshanelo nobhanana, emuva komdlalo.

"Lesi sigameko senzeka ngabo-23:30 ngoLwesihlanu, umntanami wase engishaya ngo'please call me'," kusho lo mama.

Kuthiwa lo mfana wabe esebika ephindelela kumqeqeshi wabo, uBrandon Grant, ukuba amsize, kodwa watshelwa ukuthi "kumele afunde ukuzimela njengendoda".


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-22°C Scattered tstorms late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...