Kudlwengulwe ugogo, 91, eKZN
2013-02-20 07:58
Pietermaritzburg - Sekuphinde kwadlwengulwa esinye isalukazi, 91, KwaZulu-Natal, nokubikwa ukuthi umsolwa wenze lokhu ephindelela esikhombe ngommese emzini waso oseMgungundlovu ngeSonto.
Amaphoyisa anxusa ongaba nolwazi olungaholela ekuboshweni komsolwa ukuba asize.
Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Joey Jeevan uthe lesi salukazi sakwaDindi, eVulindlela, bese silungiselela ukulala ngabo-21:00 ngesikhathi sizwa umuntu engqongqoza emnyango, omunye ewindini, saziba.
“Kuthe ngemuva kwesikhashana nje wabona indoda ephethe ummese ikotela emzini wakhe ngewindi."
Ibe isiyalela isalukazi ukuba silale embhedeni sizimboze ubuso ngengubo yokulala, yase isidlwengula iphindelela kwaze kwasa.
“Kuthiwa le ndoda isabise isalukazi yafuna nemali, sakhipha u-R250. Umsolwa ube esekhala amaphepha," kusho uJeevan.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- The Witness