Kudlwengulwe owesifazane esiteshini samaphoyisa

2013-02-22 08:09

Cape Town - Kuboshwe iphoyisa ngezinsolo zokudlwengula owesifazane eHerbertsdale, eWestern Cape, kusho uphiko i-Independent Police Investigative Directorate (Ipid).

Leli phoyisa, 52, elisebenzela esiteshini samaphoyisa esiKwanonqaba, libe seliboshwa ngoLwesithathu, kusho okhulumela i-Ipid uMoses Dlamini.

UDlamini uthe umsolwa kusolakala ukuthi wadlwengula lo wesifazane, 49, emagcekeni esiteshi samaphoyisa esiseHerbertsdale ngesikhathi ayeyobika ukuhlukunyezwa ekhaya ngoFebhuwari 15.

“Ngemuva kokulalela isikhalazo sakhe, wabe esekhiya umnyango wesiteshi wase emdlwengula," kusho uDlamini.

Lo wesifazane wafika wazobika lesi sigameko kusona lesi siteshi samaphoyisa, kodwa iphoyisa elalisebenza ngalelo langa lathi akahambe amaphoyisa azothunyelwa kwakhe, kwangenzeka lokho.

Kwabe sekubikelwa i-Ipid, umsolwa zamkhalela ngoLwesithathu.

 

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

"Akuqiniswe ezokuphepha ezikoleni"

Emizuzwini eyi-24 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-17°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. Pta: 3-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: 2-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-24°C Sunny. Mild. PE: 9-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...