Kudlwengulwe owesifazane, 65, e-E Cape

2011-07-13 11:16

Mthatha - Amaphoyisa athi kusolakala ukuthi owesifazane, 65, ugetshengwe waphinde wadlwengulwa abesilisa abathathu ekhaya lakhe ngaseMthatha, e-Eastern Cape.

Lo wesifazane ubeyedwa ekhaya lakhe eDalisile Village ngesikhathi abesilisa abathathu bengena nezicabha ngezithuba zawo-8 ebusuku ngoLwesibili, kusho uColonel Mzukisi Fatyela.

"Bakhombe lo wesifazane ngezibhamu ngaphambi kokushintshana ngokumdlwengula. Bamntshontshele nemali engu-R1,000, nobekuyimali yempesheni ayithole ngalolo suku."

UFatyela uthi amaphoyisa abophe owesilisa, 23, emuva kwamahora ambalwa kwenzeke lesi sigameko, khona kuleya ndawo.

Ubekwe icala lokudlwengula nokugebenga kanti kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yaseDalisile ngoLwesihlanu.

Abanye abasolwa basagcwele amathafa.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter.

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-15°C Afternoon clouds. Cool. Pta: 8-19°C Rain late. Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 5-14°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. Bloem: 6-9°C Tons of rain. Mostly cloudy. Cool.
Dbn: 12-14°C Tons of rain. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-14°C Passing showers. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...