Kudlwengulwe ona-14 obehamba nesoka

2013-01-04 07:10

Johannesburg - Abafana ababili abaneminyaka engu-17 ubudala, baboshiwe ngezinsolo ezithi badlwengule intombazane eneminyaka engu-14 ubudala.

Lesi sehlakalo senzeke eKagiso, ngaseKrugersdorp, kusho amaphoyisa aseGauteng.

Kuthiwa abasolwa badlwengule le ntombazane beyidlwengulela epaki ku-extensions 4, kusho okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer Solomon Sibiya.

Laba bahlangane nentombazane ihamba nesoka layo ngezithuba zawo-02:00 ngoLwesibili, babe sebeshaya isoka balixosha.

"Intombazane idonselwe epaki yase idlwengulwa ngabasolwa beshintshana ngayo."

Intombazane iyamazi omunye wabadlwenguli, ibe isibika isehlakalo.

Abasolwa badluliselwe esikhungweni sokuhlumelisa izimilo iBosasa Youth Rehabilitation, eKrugersdorp



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-13°C Mostly sunny. Cool. Pta: 5-17°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-11°C Sunny. Cool. Bloem: -1-10°C More sun than clouds. Cool.
Dbn: 10-19°C Mostly sunny. Cool. PE: 8-13°C a few showers. More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...