Kudlwengulwe obebelethe ingane ebheke endodeni

2015-07-17 12:33

MArikana - Kudlwengulwe owesifazne oneminyake ngu-20 ubudala, obebelethe ingane emhlane, eMarikana ngaseRustenburg, kusho amaphoyisa aseNorth West ngoLwesihlanu.

Okhulumela amaphoyisa uSergeant Kelebogile Moleko uthe owesifazane udlwengulwe ngezithuba zabo-07:00 ekuseni.

“Kusolakala ukuthi isisulu besisendleleni ebheke lapho kusebenza khona ubaba wengane yaso ngesikhathi sihlangana nomsolwa obephethe ummese,” kusho uMoleko.

Funda nalolu daba:  Kutholakale amathambo omuntu ogqokile

“Umsolwa kuthiwa uphoqe isisulu ukuba singene ehlathini nokuyilapho asidlwengulele khona ngaphambi kokuba abaleke ngonyawo.”

“Okwamanje, amaphoyisa awakatholi kahle ukuthi owesifazna udlwengulwe kanjani njengoba ingane ibisemhlane. Imininingwane egcwele isazotholakala ngesisulu uma sesingconywana njengoba sisagcwele ukwethula,” kusho uMoleko, kubika iTheCitezen.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...