Kudlwengulwe intombazane eFree State

2012-08-16 13:27
Yabelani Shicilela

Bloemfontein - Owesifazane waseFree State usize intombazanyana eneminyaka eyishumi ubudala yabika ngokudlwengulwa kwayo yaphinde yachazala amaphoyisa ngomsolwa.

Okhulumela amaphoyisa uSergeant Martin Xuma uthe lona wesifazane uqaphele ukuthi ingane ihamba kabuhlungu ngesikhathi iya esikoleni, uthi ube eseyibuza yasaba ukusho wase eyiyisa emtholampilo.

UXuma uthe kubizwe amaphoyisa kwase kutholakala ukuthi ingane iyintandane kanti ihlala nomndeni othize waseManyatseng, eLadybrand.

Ingane iveze ukuthi idlwengulwe ngoMgqibelo ebusuku, iveze ukuthi ilala embhedeni owodwa nabazala bayo abangabafana nomzala oneminyaka engu-20 ubudala.

Ithe umzala nguye oyidlwengulile, umsolwa usevelile enkantolo icala lahlehlela umhlaka-23 Agasti.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 11-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 7-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 13-23°C Showers late. Morning clouds. Mild. PE: 11-20°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...