Kudlwengulwe 5 eNorth West
2012-05-07 10:33
Mahikeng - Kudlwengulwe abantu besifazane abahlanu esifundazweni iNorth West ngempelasonto, kusho amaphoyisa, nathi kuyinto ethusayo.
UCaptain Pelonomi Makau uthe owelisa, 47, uboshwe ngeSonto mayelana nokudlwengula intombazane, 11.
"Le ndoda iyaziwa ngumndeni wale ngane."
Uzovela eNkantolo yeMantshi yaseSchweizre-Reneke ngoMsombuluko.
NgoMgqibelo, amaphoyisa abophe umkhulu, 54, osolwa ngokudlwengula umzukulu wakhe, 13, eDelareyville.
Khonamanjalo, kuthungathwa amadoda amahlanu ahlomile adlwengule owesifazane, 25, ngase-Imperial Reserve ngoMgqibelo.
Abanye abadlwenguliwe intombazane, 17, nowesifazane, 66.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA