Kudlwengulwe owesifazane ekwakhe e-E Cape

2012-12-24 12:55

Johannesburg - Owesifazane udlwenguliwe kwaphangwa endlini yakhe ngesikhathi kungena izigebengu ezimbili elele nengane yakhe Kwanobuhle, ngaseUitenhage, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape ngoMsombuluko.

Owesifazane oneminyaka engu-26 ubudala uvuswe wumsindo wokuvuleka kwesicabha, kusho uLt-Col Priscilla Naidu.

"Abesilisa ababili abangaziwa bangene endlini yakhe. Oyedwa ubegqoke i-balaclava."

Laba balisa ababili bamshayile lona wesifazane, oyedwa wabo wamdlwengula.

Ngemuva kwalokho bambophile base bethatha izimpahla endlini ngaphambi kokubaleka.

Indodakazi yakhe eneminyaka emithathu, nayo ivuke ngesikhathi kugqekezwa kodwa abayenzanga lutho.

Umyeni walona wesifazane ubesaphumile ngesikhathi kwenzeka lokhu. Ngemuva kokuba izigebengu sezibalekile, lona ukwazile ukubikela omakhelwane, okuyibona abamqaqile.

Amaphoyisa aphenya ngecala lokugqekeza nelokudlwengula.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C a few showers. More sun than clouds. Mild. Pta: 16-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 14-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-28°C Showers late. a mixture of sun and clouds. Warm. PE: 16-21°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...