Kudla lubi ukudlwengula eLimpopo

2012-12-31 15:16

Johannesburg - Amantombazanyana amabili okungeneminyaka emithathu ubudala neneminyaka eyisikhombisa ubudala,  angamanye amantombazanyana ayisithupha adlwengulwe eLimpopo ngempelasonto.

Lokhu kushiwo ngamaphoyisa, athi sekuboshwe amadoda amathathu ahlanganisa nesosha.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Hangwani Mulaudzi uthi intombazane eneminyaka emithathu ubudala idlwengulwe ngumakhelwane endaweni yaseLetsitele.

Umama wentombazane ubambe oqotsheni umsolwa, edlwengula ingane yakhe ngasemfuleni oseduze.

Endaweni yaseMaake, ubaba udlwengule indodakazi yakhe eneminyaka eyisikhombisa ubudala.

Isosha elineminyaka engu-22 ubudala liboshiwe endaweni yaseMalale, ngemuva kokudlwengulwa kwentombazane eneminyaka engu-14 ubudala.

"Kukholakala ukuthi umsolwa ubesenezinyanga enukubeza ingane. Umama uthole ngalokhu wase ebikela amaphoyisa ngoMsombuluko.

Kwesinye isehlakalo intombazane eneminyaka engu-16 ubudala, ithathwe yiqulu lamadoda ayoyidlwengula endaweni yaseMaake.

Intombazane eneminyaka engu-13 ubudala ithunjwe ngabafana ababili bayidlwengula eLephalale kanti oneminyaka engu-17 yena udlwengulwe ngesikhathi egoduka ebuya endaweni yokucima ukoma ngoMgqibelo ngezithuba zawo-02:00.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

  Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
 

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 3-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm. PE: 12-21°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...