Kudingidwe eyabashona beyofesa

2013-01-28 10:03

Pietermaritzburg - Abikelwe ngasese amakhansela kaMasipala uMsunduzi mayelana nesigameko esingahambanga kahle sokuhlolwa kwalabo ababeyofesela ukuba ngamaphoyisa omgwaqo eHarry Gwala Stadium ngoDisemba.

Le nkundla ingaphansi kukamasipala.

Kulesi sigameko kwashona abantu abayisishiyagalombili kwabangu-35 000 ababezozama inhlanhla ngesikhathi begijima ibanga elingamakhilomitha amane ilanga likhipha umkhovu etsheni.

Imenenja kamasipala uMxolisi Nkosi wethulele amakhansela umbiko ocacisa konke.

Uthe lo mbiko wenziwa ngasese ngenxa yokuthi uhulumeni wesifundazwe uyaphenya ngawo.

Ngaphambilini, lowo okhulumela undunankulu, uNdabezinhle Sibiya, wathi kusezinhlelweni ukujutshwa kwethimba elizophenya ngalesi sigameko kanti uhulumeni uzophawula uma sekuhlangane isiShayamthetho KwaZulu-Natal.

UNkosi uphinde wakhuluma ngesigameko sokuminza komunye e-Alexandra Park ku-swimming pool ngoDisemba 30.

Kuthiwa lo wayelinde ukuhlolelwa ukushayela ngemuva kokuphothula ngempumelelo ukugijima.

Oyikhansela leDemocratic Alliance uRodger Ashe uthe babengu-1 600 ababebhukuda kule swimming pool ngalolo suku.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- The Witness

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Numerous showers. Morning clouds. Cool. Pta: 7-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-15°C Mostly sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 10-21°C Rain late. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...