Kudingidwa imigomo eMangaung

2012-12-18 12:01

Bloemfontein - Izihambeli zenkomfa ye-ANC kazwelonke zichithe usuku lwangoLwesibili ekuseni zidingida ngemigomo e-University of the Free State.

Kuyaqhubeka nokubalwa kwamavoti abezikhundla eziyisithupha eziphezulu. Imiphumela kulindeleke ukuba imenyezelwe ngoLwesibili ntambama.

Izihambeli ezingeyona ingxenye yabadingida imigomo bezihleli kwelinye itende, kuthi labo abakwazile ukuthola izitulo zokuhlala, bahlala ndawonye bekhuluma ngabakulindele okhethweni.

Abanye bebezwakala bekhala ngokushisa kwelanga kanye nendlela ende okudingeka bayihambe ngezinyawo beya la kudingidelwa khona izingxoxo.

Entendeni elikhulu bekuneveni yakwa-Standard Bank ene-ATM, amathayi ayo angemuva eboshiwe, kwenzelwa ukuba abantu bangakwazi ukuyigudluza.

Ukuphakanyiswa kwamagama amalungu angu-80 ekomidi eliphezulu leqembu kulindeleke ukuba kumenyezelwe ngoLwesibili ebusuku.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Mostly sunny. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 6-20°C Sunny. Mild. Bloem: 5-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-21°C Showers late. Morning clouds. Cool. PE: 12-19°C Rain showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...