Kudedelwe ngephutha osolwa ngelokubulala

2013-02-04 12:01

Durban - Osolwa ngecala lokubulala udedelwe ngephutha ngumabhalane waseNkantolo yeMantshi eThekwini ngemuva kokwalelwa ibheyili, kubike iThe Mercury ngoMsombuluko.

ULebo Sibisi, 29, walelwa ibheyili ngoJanuwari 23 ngenxa yobucayi becala abhekene nalo, kodwa ifomu yakhe i-J7 labhalwa ukuthi unikwe ibheyili ka-R5 000.

Ifomu i-J7 kubhalwa kulona ukuthi umuntu unikiwe noma walelwe yini ibheyili.

USibisi nasolwa naye uKhehla Calvin Mthalane, 27, bathwesa icala lokubulala.

Basolwa ngokubulala uJohn Dwain Naidoo, 31, ngesikhathi bephanga umuzi wakhe eGlenwood ngoSepthemba ngonyaka odlule.

Ngaleso sikhathi uSibisi wayengaphandle ngoshwele, ngelinye icala eyelinzile.

"Kwenziwe uphenyo. Kwavela ukuthi uSibisi walelwa ibheyili kwathi uMthalane yena wayinikwa, kodwa kuthe ngesikhathi umabhalane wasenkantolo esekhipha i-J7, wakhipha amagomu amabili abhalwe ukuthi bobabili bathole ibheyili ka-R5 000 umuntu emunye,” iThe Mercury icaphune imenenja yeNkantolo yeMantshi yaseThekwini uVictor Hlatshwayo esho kanje.

Sekukhishwe incwadi egunyaza ukuba kuboshwe uSibisi.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Scattered clouds. Mild. Pta: 17-25°C a few tstorms. Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 13-18°C Showery. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 15-21°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Dbn: 19-24°C Rain showers. Afternoon clouds. Mild. PE: 17-20°C Showers early. More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...