Kudale izinkinga ukwebiwa kwamakhebula e-E Cape

2013-01-04 11:02

Johannesburg - Ukwebiwa kwamakhebula kagesi sekuphazamise ukuhanjiswa kosizo oluphuthumayo eQueenstown, kusho uMnyango wezeMpilo e-Eastern Cape.

"Samukele izikhalazo eziningi ezivela kubantu bethi izingcingo zabo azamukelwa uma befuna usizo oluphuthumayo. Sicela ukusho ukuthi lokho kudalwe ngabantu abeba amakhebula,” kkusho okhulumela uMnyango uSizwe Kupelo.

NgoLwesine ebusuku kwebiwe amakhebula akwaTelkom eQueenstown, ngenyanga kaDisemba alinganiswelwa ku-600m amakhebula ebiwa.

"Lokhu kudala ukuthi uma abantu beshaya ucingo, lukhale kodwa lungaphendulwa.”

UKupelo uthi amakhebula lana asebenza uma abantu beshayela izinomboolo ezingu-10177 no-082112.

Abantu bayayalwa ukuthi okwamanje basebenzise inombolo engu-083 378 0631.




 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-19°C Sunny. Mild. Pta: 1-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 0-14°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -1-15°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-19°C Mostly sunny. Cool. PE: 10-16°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...