Kuchwaze inkantolo yonke kungena uMalema

2012-11-23 14:04

Johannesburg - Izakhamuzi zaseLenasia zivele zachwaza ngesikhathi kutheleka uJulius Malema eNkantolo eNkulu eGoli ngoLwesihlanu.

Egqoke isikibha esiphuzi, ehambisana nowayengunobhala wayo i-ANCYL uSindiso Magaqa, yena obegqoke isudi, uMalema ungene wahlala phansi enkantolo ebigcwele phama.

Abahlali bacule bathi "kade sikulindele".

Abanye behleba bethi: "sizoluwina lolu daba... Njengoba sekukhona noJulius."

Izakhamuzi zaseLenasia zilindele ukuzwa ngesinqumo sokwakha kwazo izindlu ngokungemthetho, icala liphakathi koMnyano wezeziNdlu eGauteng kanye neSA Human Rights Commission.

Ikhomishini emele amalungelo abantu kulindeleke ukuba itshele inkantolo ukuthi ukudilizwa kwezindlu kwakungukuphula amalungelo abantu.

Umnyango uthe izindlu zakhiwa emhlabeni kahulumeni owadayiswa ngokungemthetho.

Kuvunyelwane ngokuthi kumiswe ukudilizwa kwalezi zindlu.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kubanjwe inkunzi 3 wezitolo ePaarl Mall

Emizuzwini eyi-41 edlule
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 14-31°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 13-22°C Afternoon clouds. Mild. PE: 16-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...