Kubuyelwa emakilasini e-DUT

2013-02-06 10:05

Durban - Kubhekeke ukuthi kuqale ukufunda esikhungweni semfundo ephakeme eThekwini, iDurban University of Technology, kulandela ukuthi kumiswe okwesikhashana ngoLwesibili, kubika iNewswatch.

Amakilasi amiswe ngemuva kokubheduka kombhikisho wabafundi.

UDaliso Gumede, osesigungwini iStudent Representative Council uthi abaphathi besikhungo kanjalo nabamele abafundi bafinyelele esivumelwaneni.

UGumede uthi kwezinye zezinto ekuvunyelwane ngazo wukuthi abafundi abangu-300 abazokwenza unyaka wokuqala, batholelwe izindawo zokuhlala isikhashana.

Uthi nabeNational Student Financial Aid Scheme sebevumile ukwelekelela abafundi abangu-33 abazokwenza iBtech.

"I-SRC kanye nabaphathi babe nesivumelwano. Okwamanje sesimisiwe isiteleka, kuzoqhubeka ukufunda," kuchaza uGumede.

"Sanelisekile siyi-SRC nabo bonke abafundi."

Abaphathi besikhungo babike ukuthi isicazwe yaphela imali engu-R234 million ekubhekwe ukuthi ilekelele abafundi.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-27°C Sunny. Warm. Pta: 18-30°C Tstorms late. More sun than clouds. Warm.
Jhb: 16-25°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-22°C Afternoon clouds. Cool. PE: 16-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...