Kubulawe uthisha waseMpumalanga ekhaya

2012-01-18 16:27

Marapyane – Kudutshulwe kwabulawa uthisha obesekhaya lakhe laseMarapyane eMpumalanga, kusho amaphoyisa wakhona ngoLwesithathu.

Lo mlisa oneminyaka engu-42 ubevula usango ngezithuba zawo-23:00 ngoLwesibili ngesikhathi ehlaselwa, kusho okhulumela amaphoyisa, uSergeant Hastings Chaane.

"Bam'phangile uthisha bamthathela imali engaziwa ukuthi yimalini, futhi bam’dubula kathathu," ushilo.

Ushonele khona nendawo.

UChaane uthe laba phangi bahambe ngeToyota Corolla kathisha.

Lo mlisa obulewe, igama lakhe ebelingekakhishwa, ubenguthisha eSeruane High School endaweni yaseLifosoane.

Amacala okubulala nokuphanga avuliwe, futhi amaphoyisa asabefuna la bantu.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-15°C Sunny. Cool. Bloem: 2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-22°C Mostly sunny. Mild. PE: 9-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...