Kubulawe uthisha esekilasini eLimpopo
2011-11-16 12:29
Johannesburg - Uthisha wesikole samabanga aphansi ushaywe phambi kwabafundi eMatlala, ngasePolokwane, eLimpopo, kusho amaphoyisa ngoLwesithathu.
ULiuetenant Colonel Ronel Otto utheowesilisa oneminyaka engu-53 ubudala ubefundisa eMasehlong Primary School ngesikhathi umfowabo engena emhlasela ngoLwesibili.
Uthe abanye abafundi bazamile ukulekelela, kodwa ubenodlame kakhulu.
Uthisha uphuthunyiswe esibhedlela, kodwa washona esanda kungena.
Umfowabo kamufi, noneminyaka engu-40 ubudala, ube eseboshwa ngecala lokubulala.
Kulindeleke ukuba avele eNkantolo yaMantshi yaseMatlala ngoLwesine.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
- SAPA