Kubulawe usomabhizinisi eMiddelburg

2013-02-06 12:02

Johannesburg – Usomabhizinisi odumile waseMiddelburg ubulewe esekhaya lakhe ngesikhathi unkosikazi wakhe nendodakazi yabo besaphumile beyothenga u-ice cream.

UTiziano Ciciliato [odume ngelika-TC] ugwazwe ngesikhali esibukhali esifubeni futhi kungenzeka ukuba uphinde waklinywa ngezithuba zabo-20:15 kuya ku-22:00 ekhaya lakhe, kubike iBeeld.

Unkosikazi kaCiciliato, uRonelé, kanye nendodakazi yabo uRozaan, eneminyaka engu-14 ubudala, baye kothenga u-ice cream, kuthe ngesikhathi sebebuya babona isango livuliwe basola ukuthi kukhona okungahambi kahle.

Umama ube esebiza indodana yakhe uJaco Botma, 29, bahlangana egaraji likaphethiloli eliseduzane. Kubizwe amaphoyisa ahambisana nomndeni kwayiwa endlini.

“Sibone iwindi elincane elingasemnyango ongaphambili lifile sase sibona kungcono ukungangeni ngaphakathi ngesikhathi amaphoyisa engena,” kusho uBotma.

Uthe amaphoyisa abatshele ukuthi kunesidumbu sendoda esiphansi egumbini lokubuka ithelevishini.

“Basichazelile ukuthi injani leyo ndoda, kwavele kwasicacela ukuthi uowo nakanjani ngubaba wami ongangizali."

UCiciliato, onamabhizinisi amaningi eMiddelburg, kubukeka sengathi ufikelwe ubuthongo ehleli kwangena izigebengu zambulala.

Izikhiye zendlu, ama-TV, ama-DVD, nezimpahla zikagesi kanye nobucwebe kudukile.

Amaphoyisa ayaphenya.

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter






- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C a few showers. Morning clouds. Mild. Pta: 18-24°C Light rain. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-20°C Scattered showers. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 16-25°C Numerous showers. Partly sunny. Mild.
Dbn: 19-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-22°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...