Kubulawe unogada emayini eKZN
2012-10-03 10:01
Nothando Ndlovu, The Witness
Johannesburg - Ukuqhubeka kwesiteleka sabasebenzi basemayini sekudlule nomphefumulo kanogada wasemayini yaKwaSomkhele, maduzane naseMtubatuba, otholakale eklajiwe.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa aKwaMsane uCaptain Jabulani Mdletshe, uthe lesi sehlakalo senzeke ebusuku ngoMsombuluko, ngemuva kokucisha kukagesi ophele imizuzu ebalelwa kwengu-30.
UMdletshe uthe unogada lona uBP Nxumalo,48, ubengaphakathi kwelinye lamagumbi akhona emayini.
Unogada ongathandanga ukudalulwa uthe kufike amadoda amahlanu abehlome ngemimese emikhulu.
Uthe amadoda ambuze ukuthi usebenzelani ekubeni kutelekiwe.
“Nami ngikhiphe u-okapi ngabatshela ukuthi ngizowusebenzisa uma beke basondela. UNxumalo, nokunguye obephethe isibhamu ubengaphakathi endlini, kuthe uma kuvuleka intuba, ngathi zinyawo zami ngibelethe," kusho osindile.
“Ngesikhathi ngisacashile ehlathini, ngifonele umphathi wami ngithi akathumele usizo. Ngaleso sikhathi ngizwe uNxumlo ekhala ememeza."
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- The Witness