Kubulawe umlimi eLimpopo

2012-06-20 14:10

Johannesburg - Umninipulazi osekhulile udutshulwe wabulawa kwathi umkakhe walimala ngesikhathi behlaselwa epulazini labo eliseTolwe, eLimpopo, kusho amaphoyisa ngoLwesithathu.

ULieutenant Colonel Ronel Otto uthi abazingeli abadabuka eMelika, ebebehlala emzini womlimi bathi bezwe ukudubula okuqhamuke ngasendlini enkulu.

Uthi kuthe uma beyobheka bathola umninimuzi esebulewe, bathi babone amadoda amane achazwe njengabahlaseli.

UJohan van Rensburg ushonele endaweni yesehlakalo kwathi umkakhe uClaudia walimala kabi.

"Ungeniswe esibhedlela sendawo," kusho u-Otto.

Abahlaseli kuthiwa bagqekeze iwindi base bengena ngaphakathi endlini, imbangela yokubulala ayikazeki.

Amaphoyisa athungatha abasolwa.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-26°C Sunny. Warm. Pta: 17-27°C Passing showers. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-27°C Showers late. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-18°C Rain showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...